09/01/2024
ISIBUSISO SOTHANDO
Part 2
Emva kokuba ngiqede ukugeza ngihambe ngiye ekhishini ngiyolekelela umama ukuphakela idokwe.
Lethu :ntombendala hlala phansi ngizoqhubeka nokuphaka.
Mama :ngiyabonga ntombiyami akengiyobiza izingane
zizodla lingaze liphole idokwe.
Aphume umama ayobiza izingane zikabhuti wami Kanye nobhut wami omncane kunami ukuba bazodla,nangempela abuye nabo bafike ekhishini bahlale phasi ngibanike ukudla kwabo nami ngihlale phasi sibusise ukudla sidle.
Sanibonani igama lami ngingu Lethukuthula Mthembu ngihlala elokishini elincane elibizwa nge Vrede, ngihlala no mama wami ubhuti wami ongilamayo kanye nezingane zikabhuti wami ezimbili u Ndalwenhle kanye no Ntandoyenkosi. Ngineminyaka engu 18 bengenza ibanga leshumi nambili,ekhaya siyizingane ezine. Ngonobhuti omdala okungu Nkosiskhona(31), usisi omlamayo u Snothile(28, ku landele mina u Lethukuthula(18) kugcine u Kwanele(16). Ubaba sewadlula emhlabeni ngiyenza ibanga lesithupha,Wayeyindoda eqotho ewuthanda umndeni wakhe futhi ewunakekela.
Masiceda ukudla ziphume izingane kanye nobhut omncane kusale mina nomama, ngibuthe izitsha ngizifake endishini ngithele amanzi ngizigeze umama abe esula ngapha siyazixoxela.
Mama :cha isuphelile unyaka kodwa yize bowulukhuni kodwa sibonga ukuthi impilo isachubeka.
Lethu :kona kunjalo mama ubungelula neze lonyaka futhi nginethemba ukuthi lona ozayo usiphathele okuhle kodwa.
Mama :ewu nama holidi awasafani namandulo wawuzwa ngephunga nje ukuthi seyisikhathi samaholidi, imindeni isaphelele futhi isazwana.
Lethu :eyyy mama sisakhuluma ngama holidi ngiye ngafonelwa u Snothile.
Mama :ubethini? ngoba nje naye ngomunye esikade samgcina.
Lethu :kodwa mama uyazi ukuthi lapho asebenza khona akubakuphumula, uthe ucela ngimubulisele wena ubekade efisile ukuba lakhaya ngama holidi, kodwa ngenxa yomsebenzi ngeke aphumelele.
By Thembie