Uthukela News Times Plus

Uthukela News Times Plus "Izindaba zasoThukela zinjengoba zinjalo." To report news and business: 083 2972 906

11/09/2026

Ivideo yosuku 🎥

Ayangxangxaza! 💦💦💦

I-IFP ICELE UKUNIKEZWA ITHUBA EMINYE IMINYAKA EMIHLANU OTHUKELA UKUZE IQEDELE EBISIKUQALILEIqembu le-Inkatha Freedom Par...
11/09/2026

I-IFP ICELE UKUNIKEZWA ITHUBA EMINYE IMINYAKA EMIHLANU OTHUKELA UKUZE IQEDELE EBISIKUQALILE

Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) eThukela licele umphakathi ukuthi ulinike elinye ithuba leminyaka emihlanu ukuze liqhubeke nomsebenzi elithi liwuqalile wokulungisa izinkinga eziningi ezazikhona ngaphambi kokuba lingene embusweni.

Leli qembu belibambe isithangami sabezindaba ezindlini zamakhansela eWembezi, eMtshezi, lapho lichaze khona ngomsebenzi elithi liwenzile kule minyaka emihlanu liphethe uMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala Inkosi Langalibalele no-Alfred Duma.

IPhini leMeya kaThukela, uMbuzeleni Mkhize, lithe kuningi osekwenziwe yi-IFP, ikakhulukazi ekufezeni amaphuzu ayishumi abekwe ku-manifesto yeqembu. Uthe nakuba kusekhona okudinga ukulungiswa, kunemisebenzi eminingi eseyenziwe.

UMeya wase-Inkosi Langalibalele uMduduzi Myeza naye ugqamise izinguquko ezenziwe yi-IFP ekuphathweni kukamasipala, athi sezenze ukulethwa kwentuthuko kwaba lula. uMyeza ubalule indaba yamapotholes athi sekuyindaba ewumlando emtshezi. uphinde wathinta futhi nezinhlelo abanazo njengomaspala wokufundisa abantu base-Inkosi Langalibalele emanyuvesi wachaza nokuthi abanye balaba bantu ababasa emanyuvesi sebeqhashwe yiwona futhi uMaspala.

IFP ithi kungaba yiphutha ukuyahlulela ngeminyaka emihlanu kuphela, njengoba izama ukulungisa izinkinga ezithathe iminyaka eminingi zakhiwa. Iqembu selicele abavoti baseThukela ukuthi balinike elinye ithuba ukuze liqedele umsebenzi eliwuqalile.

11/09/2026

Sezifikile ukuzovalelisa kumeya kamaspala wase Alfred Duma u-Zama Sibisi izintombi Ngaphambi kokuba zithathe uhambo lokuya emkhosini womhlanga ezoba sesigodlweni eMashobeni oPhongolo.

IDA IFUNA UKUSHINTSHWA KOMTHETHO WENFSAS NGENXA YOKUSHODA NGO-R33 BILLIONIqembu leDemocratic Alliance (DA) selifuna ukut...
11/09/2026

IDA IFUNA UKUSHINTSHWA KOMTHETHO WENFSAS NGENXA YOKUSHODA NGO-R33 BILLION

Iqembu leDemocratic Alliance (DA) selifuna ukuthi kubuyekezwe ngokuphuthumayo imithetho elawula iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), kanye nendlela okuphathwa ngayo uxhaso lwezimali zabafundi.

IDA ithi ukushoda kwezimali eNSFAS, okulinganiselwa ku-R33 billion, kukhombisa ukuthi uhlelo olukhona alusenakuqhubeka ngendlela olusebenza ngayo njengamanje.

Okhulumela iDA kwezemfundo ephakeme, uDelmaine Christians, uthi uxhaso lwabafundi kufanele luhlukaniswe ekuphathweni yisikhungo esisodwa, kanti amanyuvesi namakolishi e-TVET kufanele abe negunya elikhulu lokuhlinzeka abafundi ngemali yoxhaso ngqo.

UChristians uthi lokhu kungasiza ukugwema izinkinga ezibhekene neNSFAS njengamanje futhi kwenze kube lula ukuthi abafundi bathole uxhaso ngesikhathi.

Uphinde wanxusa uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, uButi Manamela, ukuthi angabe esalibazisa lolu shintsho, ethi ukubuyekezwa koMthetho weNSFAS kanye nokwehlukaniswa kokuphathwa koxhaso kufanele kwenziwe ngokushesha.

11/09/2026

IFP Uthukela Media Briefing eMtshezi

11/09/2026

UNDUNANKULU UKHATHAZEKILE NGABAMELE ABANTU BAKWAMANYE AMAZWE KULELI ABATHULE NGATHI ABEKHO.

Nakuba uhulumeni wesifundazwe uthi uzimisele ngokusiza labo bokufika asebeze bakha imikhukhu ngaphandle komnyango wazasekhaya ukuba bahambe kodwa uNdunankulu uThamsanqa Ntuli uthi kuyamkhathaza ukuthula kwalabo bamahovisi abathi bamele bona abokufika kuleli.

UMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE WETHULE IMISHINI EMISHA YOKULETHA INTUTHUKOUMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, uMhloni...
11/09/2026

UMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE WETHULE IMISHINI EMISHA YOKULETHA INTUTHUKO

UMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, wethule ngokusemthethweni imishini yokusebenza entsha namuhla.

Lo mcimbi ubusehholo ledolobha eMtshezi, lapho uMeya ehlangane khona nabasebenzi bakamasipala ukuzokwethula le mishini.

UMyeza uthe ukutholakala kwale mishini kuzoba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni izinsiza nokusheshisa umsebenzi kamasipala. Uthe imishini izoba wusizo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, lapho kusadingeka khona ukuthi kusheshiswe ukulethwa kwentuthuko nezinsiza kubahlali.

UMasipala uthi le mishini izosiza abasebenzi ukuthi benze imisebenzi yabo ngempumelelo futhi kuthuthukiswe indlela izidingo zomphakathi ezisingathwa ngayo.

❗️ISOMEMEZELO SOMPHAKATHI ❗️📢*EZAKHENI SMME'S FORUM*📢*NOTICE: CIPC BUSINESS REGISTRATION DRIVE*The Ezakheni SMME's Devel...
11/09/2026

❗️ISOMEMEZELO SOMPHAKATHI ❗️

📢*EZAKHENI SMME'S FORUM*📢

*NOTICE: CIPC BUSINESS REGISTRATION DRIVE*

The Ezakheni SMME's Development Agency wishes to inform all community members and local organisations that we will be conducting a drive to assist you to *register your businesses with the CIPC.*

*Venue:* Ezakheni A Library
*Date:* Thursday, 17 September 2026
*Time:* 10:00 - 13:00

*REQUIREMENTS - Please bring the following:*
1. Original Identity Book or Smart ID Card
2. 4 Proposed Company Names (to choose from)
3. R175.00 Registration Fee - *NB: Must be in your account and NOT CASH*
4. Bank Card with visible Card Number (16 digits), Expiry Date and CVV

*IMPORTANT:*
We urge everyone to arrive by *10:00 sharp* as we will have a short briefing meeting before we start with the registrations.

Those who would like to volunteer and assist with the registration process, please contact any of the group admins to make the necessary arrangements.

*FUTURE DRIVES:*
We will also be visiting the following areas soon to assist with business registrations. Dates to be announced:
- Ezakheni E Section
- St. Chads

*CALL FOR ASSISTANCE:* If there is anyone who can assist us with securing a venue in Ezakheni E Section and St. Chads, please come forward and contact any of the group admins.

Your business starts here. Let's formalize and grow together!

Issued by: Ezakheni SMME's Forum

USOMLOMO wesishayamthetho uThoko Didiza uselule isikhathi se- Ad Hoc Committee kwaba ngumjlaka 30 October.
11/09/2026

USOMLOMO wesishayamthetho uThoko Didiza uselule isikhathi se- Ad Hoc Committee kwaba ngumjlaka 30 October.

11/09/2026

UMaspala Inkosi Langalibalele wethule imishini emisha sha okuhloswe ngayo ukuletha intuthuko ngokushesha ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Address

150 Murchison Street, Office No. 4
Ladysmith
3370

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uthukela News Times Plus posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Uthukela News Times Plus:

Shortcuts

Share