15/09/2025
Isiko lokucimela:
🍂KwaZulu intombi ngaphambi kokuba iyosina iyacimela. Ukucimela yisiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Isiko lokuvalelisa intombazane ngaphambi kokuba iyogana
🍂Umuntu oyogana uyihamba yonke imizi yawoyise ngokuhlobana kwabo, kodwa eqinisweni usuke evalelisa kogogo nomkhulu abangasekho.
🍂Kuyo yonke le mizi kuyabikwa emsamo ngempepho kunxuswe kwabadala ukuba bahambe naye lomntwana oyogana. Kuyo yonke le mizi ubuya nenyongo efuthiwe, isifuba nomkhono uma ehlatshiswe imbuzi.
🍂Ukuganisa intombazane akuwona umsebenzi kayise yedwa kodwa kungumsebenzi wakhe kanye nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lasemendweni.
🍂Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya, aphinde ahambe njalonjalo. Izinyongo ziyafuthwa ahambe nazo kanye nenyama eyisipho abuyela nayo kwabo.
🍂Izinyongo uyozichoma esicholweni mhla esina. Lezi zinyongo zemindeni azifake esicholweni ziwuphawu lokuhlanganyela kwayo le mindeni futhi kunika isiqinisekiso sokuthi abaphansi bacelwa ukuba bahambe naye lomntwana.
🍂Ukucimela kuyisiko lamaZulu asagcina isizulu. Umntwana uqala koninalume ukucimela. Kufanele kucace ukuthi uqala kumalume wakhe ngoba nguyena umuntu ongumaqondana. Ngisho noma besaphila ogogo nomkhulu kodwa uyoqonda ngqo kuninalume wakhe.
🍂Uthike angadlula kwamalume, usengayake emzini wawoyise emzini yomndeni wonke. Kuyo yonke le mizi uhamba ehlatshiswa izimbuzi noma izinkomo.
🍂Isitho esisemqoka YINYONGO yalezo zilwane abikwa ngazo kwabalele. Inyongo nenyama iyoba uphawu amukeleka ngalo emzini yaUmcimel
🐚Umcimelo wenziwa nasezihlotsheni.
🍂Akubona bonke abantu abahlaba izimbuzi kodwa abanye bakhipha izipho, amacansi, izicephu, izinkamba, izichumo, izipontshi nanoma yini enhle abangamthokozisa ngayo umntwana bethi "inkonzo enhle" besho ukuthi useyobakhonzela emzini.
🍂Uma intombazane iyogana isuke iyomela umndeni wak